Imbewu Yomuthi Obabayo

Imbewu Yomuthi Obabayo

Imbewu Yomuthi Obabayo (Zulu, Paperback)

R 102.00

Loot · checked 29 Sep 2026

View at Loot

2 offers · 2 retailers

Save R 3.00 at Takealot

Takealot sells it for R 99.00. Compare every offer

Average
R 85.00
Lowest seen
R 85.00
Highest seen
R 115.00
Last change
R 17.00
First indexed
03 Mar 2023
Retailer
Loot

Each price is from PriceFind's last check of that retailer. Follow the link for the live price.

Description

Winner - Maskew Miller Longman 2015 Literature Awards. Amaqhinga kaKhalulwana noyise uKhalulu awasoze aphele. OkunguKhalulwana kufuze uyise akwangashiya lutho olwakhe - nguphunyuka bemphethe! Kulala kuvule amadlebe. Ngeshwa namhlanje kuthe kusalele akwezwa lutho lapho uMpisi ekunyonyobela. Kwaphela ukuhlakanipha. Gxavu! Bakubamba okunguKhalulwana. UMpisi umthakathi wendaba noma sekuthiwani ngeke enze iphutha lokuyeka le nyama. Ulambe uyafa, kwazise phela ukuthi sekudlule izinsukwana yena nomndeni wakhe bengadlile. Kanti futhi into emcasulayo uMpisi ukuthi uyise kaKhalulwana waphunyuka lapho esembambile. Weza neqhinga elamenza inhlekisa. Ukubona kanye ukubona kabili. Namhlanje akazimisele ngisho nakanci ukwenza iphutha elifanayo. Phela wafunga emva kwaleso sehlakalo ukuthi uyoziphindiselela kubantwana bakhe uKhalulu. Nakho-ke namhlanje esebhadama uKhalulwana engazelele. Qhude manikiniki! Khalulwana elamanqamu namhlanje ngempela ngabe usuphelelwe amaqhinga akho owaphiwa uyihlo? U-Emmanuel Nkosinathi wakwaNazo unguthisha futhi aphinde abe ngumbhali. Unawo namakhono okudlala esiteji. Waqala isikole e-Edendale eMgungundlovu. Ngonyaka ka-1995 waqala iChildren's Theatre Productions lapho ayecwaninga khona ngezindlela ezahlukene zokuxoxa nokwethula izinganekwane kanye nezindaba ezixoxwayo. UMfokaNazo usiza ukuqeqesha intsha ngaphansi kwenhlangano iYouth Ignite Ambassadors NGO. Usiza ukuthuthukisa amakhono okubhala izinganekwane nezinkondlo. Kanti usehlomule ngemiklomelo eminingi kwezobuciko. Singabala iPick 'n Pay Calendar Schools Art Competition kanye neSantam Children's Art.