
Zibanjwa Zisemaphuphu: Grade 8: Novel and study notes
Zibanjwa Zisemaphuphu: Grade 8: Novel and study notes (Zulu, Paperback)
R 155.00
Loot · checked 3 days ago
- Average
- R 124.00
- Lowest seen
- R 108.00
- Highest seen
- R 155.00
- Last change
- R 31.00
- First indexed
- 01 Nov 2022
- Retailer
- Loot
Description
Baqinisile abadala uma bethi zibanjwa zisemaphuphu. Le ndaba ibhalelwe intsha esafunda isikole, ibhalwe ngolimi olusezingeni eliphezulu futhi iheha ngangokuthi ngeke uyibeke phansi uma usuke wayithatha wayifunda. Kusa kusa. Kule ndaba sethulelwa intombazane esencane enguNomusa edabuka esabelweni nezithola isiyofunda esikoleni samabanga aphakeme edolobheni. Ngabe kwenzekani uma e ka esikoleni esisha esisedolobheni? Ngabe uyaguquka yini uma e ka kulesi sikole? Ngabe uyashesha ukwejwayela? Ngabangani abanjani ahlangana nabo? Indaba iyenzeka ngenkathi kunemidlalo eyahlukene lapho abafundi bekhombisa amakhono abo kwezemidlalo. UNomusa simthola ehlangana nomfana ocula umculo kamasikandi ofunda khona lapho kuleso sikole. Ngabe ukuthatheka kwakhe yilo mculi osafufusa kumlethela ziphi izinkinga? Bagcina beluhlobo luni lwabangani laba ababili? Ngabe bagcina bengabangani nje noma bagcina sebedlala ngegeja kuziliwe? Othisha, umphakathi kanye nabanye babafundi bayibheka ngaliphi iso le ndaba? Ngabe bathola miphi imiphumela ngalokhu kujaha kwabo izinto ezindala kunabo? Zonke izimpendulo zale mibuzo ungazitholela ngokuthi uzifundele wena mathupha le ncwadi!